IMeya ePhethe uLinda Jaquet yamukele izivakashi ngokufudumele futhi yagcizelela ukubaluleka kwamatayitela ekuqinisekiseni ubunikazi, ukuvikela amalungelo, kanye nokuvimbela izingxabano. Lo mcimbi ugqamise ukuthi la maphepha avikela kanjani imindeni, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya nezincishwe amathuba phambilini, nokuqinisekisa ukuthi impahla ingadluliselwa ezindlalifa ngokusemthethweni.
UNksz Sarah Kleinhans ovela eNkantolo yeMantshi yasePrince Albert wethule iseshini enolwazi olunzulu ngamatayitela, okwalandelwa nethuba lemibuzo nezimpendulo. Izikhulu nazo bezikhona ukuzolekelela ngokuphothula imibhalo. Isimo besihle, abahlali bazwakalisa ukuncoma ubuholi bukamasipala.
Ngokushesha ngemva kwalokho, i-“Xoxa noMeya” yanyanga zonke. senzeka lapho izakhamuzi zazikwazi ukwabelana ngokukhululekile ngemibono yazo, izinkathazo neziphakamiso zazo nemeya, imenenja kamasipala, amakhansela, izikhulu kanye nabamele iminyango eyahlukene kahulumeni. Kusukela ezidingweni zengqalasizinda kuya eziphakamisweni ezintsha, inkhulumomphendvulwano evulelekile ikhuthaze umuzwa wobunye.
Le micimbi igcizelela ukuzibophezela kukamasipala ekufukuleni abantu amandla kanye nokwenza izinto obala. Njengoba umphakathi ubheka phambili, lezi zinhlelo zithembisa inqubekelaphambili eqhubekayo.